
Amaphoyisa asebophe umfundi ona 22, ovela kwividyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana, eshaya uthisha wesifazane osayisitsudeni.
Amaphoyisa aseqinisekisile ukuthi umfundi oneminyaka engu-22 wasesikoleni samabanga aphezulu uboshiwe wathweswa icala lokushaya uthisha wesifazane oneminyaka engu21.
Kule vidiyo esabalela kubonakala le nsizwa ishaya uthisha wesifazane osemncane ngesikhathi abazali bakhe bemthuka. Isikhulu esixhumane nabezindaba esifundazweni uMahlomola Peter Kareli uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngomhlaka-12 Juni 2026.
“Sinxusa kakhulu ukuthi kube nokuthula ukuze uphenyo lwamaphoyisa luthathe indawo yalo. I-SAPS ibheka zonke izenzo zodlame, ikakhulukazi kulabo abasengozini, futhi izibophezele ekuqinisekiseni ukuthi ubulungiswa buyenzeka,” esho.
Uqhube wathi kuzokwaziswa imininingwane njengoba kuqhubeka uphenyo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
