
UNgizwe Mchunu usephendule uNdunankulu wesizwe samaZulu, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, ngemuva kokuthi uButhelezi egxeke izinsizwa ezithintekayo emashini yokulwa nokufika kwabantu kuleli ngokungemthetho.
UMchunu usole uButhelezi ngokudlala ipolitiki eshibhile, wathi uNdunankulu akasazwani namaqiniso futhi akasabalulekile kubantu athi uyabahola.
Ngokusho kukaMchunu kuke kwaba nesikhathi lapho uButhelezi ebambe izintambo negunya kodwa akasakwazi ukuzibamba akasakwazi nokubikela abantu.
UMchunu uqhube wathi abaholi bendabuko kanye nezikhulu zezepolitiki kumele bakuvume ukuthi abantu abajwayelekile sebezibambela mathupha futhi abasalindi imiyalelo yezinhlaka ezimisiwe.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
