
Ngu: Alfred Ngubane |
Ugqozi nofuqufuqu lokukhathalela izidingo zabantu ikona okwenza uMthandeni Myeza angaconsi phansi emphakathini wangakubo. UMyeza oyikhansela laku-ward 15 eMsinga maphakathi nesifundazwe saKwaZulu ungomunye wamakhansela ambalwa ezweni aqokwe umphakathi.
UMyeza uyikhansela elizimele kodwa ugazi lwakhe nokukhathalela izidingo zomphakathi kumsizile wakwazi ukudlisela ogageni amakhansela abemele amaqembu ezepolitiki okhethweni lohulumeni basekhaya olwedlule. Ngaphambi kokuthi abe ikhansela elizimele uyikhansela le-IFP okuyiqembu lezombusazwe akhulele kulo.Kanti usebe yikhansela kusukela ngo-2011.
Ngendlela asebenza ngayo namanje umphakathi usamcula uyafisa ukuthi aqhubeke nokuwuhola nangemuva kokhetho luhulumeni basekhaya oluzoba ngoNovember 4.Ngaphansi kobuholi bakhe, kube nabantu abafakelwa ugesi, kwakhona abahlomula ngezindlu, kwathuthukiswa ingqalasizinda, kwakhiwa izinkulisa kwaphinde kwafakwa nemibhoshongo ethuthukisa inetwork yezokuxhumana.
I-ward yakhe efaka i-Othame, Ngubevu, Hholwane neNqabeni iyathuthuka ngenxa yobuholi bakhe. Engxoxweni neBunda News, uMyeza uthe into ebaluleke kakhulu kuyena ukubona impilo yabantu ibangcono.”Kuyangijabulisa ukubona indawo yakithi ithuthuka kancane kancane, siyazi phela ukuthi ngisho iRome ayizange yakhiwe ngosuku kodwa kwathatha isikhathi ukuthi yakhiwe, nathi esikhathini esinaso unkulunkulu esasigcinile kuningi esisangakwenzela umphakathi wakithi, ” usho kanje.
Uthe nakuba ikhona inqubekela phambili eyenzekile kwezentuthuko kodwa lusalude ukhalo okusamele luhajwe. Enye into agabe ngayo uMyeza ukuthi uyifundile lento yobuholi njengoba efunde eNyuvesi yaseJohannesburg. Kanti uphinde waba nguMqondisi we-Qedusizi Community Development Projects, ayisungula yena kusukela ngo-2004 kuya kuJuni 2009.
Unamava futhi njengoba eke wasebenza ehhovisi lekomkhulu le-IFP eThekwini nasoNdini.Uke waba futhi uSihlalo we-IFP esifundeni Umzinyathi. Ngaphandle kokuhlinzeka umphakathi ngezidingo, uphinde wabamba iqhaza elikhulu ekwelekeleleni intsha yasendaweni ngezinto eziningi kubalwa nokuyizamela izincwadi zokushayela kanye nokuyizamela izimali zokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme. UMyeza ugcizelela ukuthi ubuholi budinga ukubeka izidingo zomphakathi ngaphambi kwakho konke okunye.
Isiqubulo sakhe, “Service Delivery Beyond Expectations”, sigqamisa ukuzibophezela kwakhe ekusebenzeni kanzima nohulumeni ukuthukisa umphakathi waseMsinga.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
