
Ngu Minenhle Mpembe |
UNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni kanye nokuPhatha Inkosi Mzamo Buthelezi inxuse ukuba kuhlinzekwe abalimi ngezinsiza kusebenza ukuze bakwazi ukuxosa ikati eziko kuphinde kufukulwe nomnotho.Ekhuluma eThekwini lapho bekwethulwa khona uhlelo olusha lwezobuchwepheshe lukuthuthukisa ezolimo, uButhelezi uthe ezolimo zibaluleke kakhulu ngoba ziyakwazi ukuxosha indlala, zidale amathuba emisebenzi ziphinde zifukule umnotho.
Uthe uhulumeni kumele azeseke ngayo yonke indlela ezolimo uma ezibophezele ekuxosheni indlala nasekufukuleni umnotho. UNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal uNkk Thembeni kaMadlopha Mthethwa uthe benza konke okusemandleni abo ukufaka igxalaba kwezolimo. Uthe uhlelo abalwethulayo luveze indlela etsha yezolimo KwaZulu-Natal njengoba lomkhakha uzoshitsha indlela owenza ngayo izinto emhlabeni.
Lolu hlelo lugxile kakhulu kwizixazululo kwizingqinamba ezikhona. U-kaMadlopha Mthethwa uthe bafuna kakhulu ukwelekelela imiphakathi engenazo izinsiza njengeKing Cetshwayo, Zululand, Umzinyathi noMkhanyakude. “Kumele sizame izindlela ezitsha zokulima njengokukhulisa izitshalo ngezobuchwepheshe, uma kwenziwa njalo abantu bazoqhubeka ukusebenza noma imvula ingekho,” usho kanje.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
