“UMongameli akenze uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi uKhonishana kazwelonke” Mashaba

Umholi we-Action SA, Herman Mashaba uthi asikho isidingo sokuqhubeka nama khomishini.

“Asikho nakancane isidingo sokuqhubeka namaKhomishini. UMengameli akabeke uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi njengoKhomishana Kazwelonke Wamaphoyisa, futhi anikeze i-NPA nethimba leKhomishini kaMadlanga ukusiza ekushushisweni kwalabo abathintekayo.”

UHerman Mashaba usho lamazwi ngemuva kokuthi UMnyango wezoBulungiswa uthe, asenele isabelomali esizobhekana nokwelulwa kweKhomishini kaMadlanga.

UMashaba akachithanga sikhathi ngokubhala kuX ukuthi vele asikho isidingo sokuqhubeka namaKhomishini, uMongameli, akenze uLt General Nhlanhla Mkhwanazi uKhomishana wamaphoyisa kazwelonke.

UMashaba uqhubeke wathi ithimba leMadlanga, kumele liyongena kuNPA ukuze kushushiswe laba abathintekayo. Iningi likhombisa ukuhambisana nalesiphakamiso somholi weAction SA, njengo lezindaba sezisuse inkulumompikiswano kubantu baseNingizimu Afrika.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.