Basola i-IFP ngokuqasha ngokwenzelela ePrince Mangosuthu Mall

Amalungu omphakathi aseMpangeni namaphethelo ahlangane ngaphandle kwenxanxathela yezitolo, iPrince Mangosuthu Mall esanda kuvulwa ezozwakalisa ukukhathazeka ngemikhuba yokuqashwa ehambisana namabhizinisi asebenza ngaphakathi kule nxanxathela yezitolo.

Ababhikishi bakhala ngokuthi amathuba emisebenzi atholwa ngokuchema kwezepolitiki njengoba kunezinsolo zokuthi abantu abangahambisani ne-Inkatha Freedom Party, abanakwa ngesikhathi sokuqashwa.

USihlalo wenhlangano yabasebenzi KwaZulu-Natal, iLabour and Civic Organisation (LACO), uMahasela Moketsi, uthe lemashi ngeyokuphikisa uhlelo lokuqashwa ngokuchema kwabasebenzi enxanxatheleni yezitolo esanda kwakhiwa iPrince Mangosuthu, eMpangeni.

“Siwumphakathi sikhathele ilento yokuthi kuqashwe ngokwenzelela. Sonke soyawufuna umsebenzi, manje akuqashwe ngokulingana hhayi ngoba uyilunga lenhlangano ethile.” kusho uMaketsi. Lenhlangano isola i-IFP ngokuthi iqashe amalungu ayo kuphela, kanti amakhansela e-IFP kuphela okuthiwa abhekelele ukuqasha abasebenzi kule nxanxathela yezitolo.

Le nhlangano ithi ifuna kuqashwe ngendlela efanele futhi esobala, ithi bonke abafuna umsebenzi, abaqeqeshiwe kufanele banikezwe amathuba alinganayo, kungakhathalekile ukuthi basuka kuliphi iqembu lezepolitiki.

Lesi simo sesisuse inkulumo-mpikiswano kule ndawo, ikakhulukazi uma kubhekwa izidingo zemisebenzi ezindaweni ezintsha njengale nxanxathela yezitolo. Cofa ilink ukubuka vidiyo.

https://www.facebook.com/share/v/16kEk3qUX4


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.