
Inkakha yomlingisi nomqondisi wezobuciko, uSello Maake kaNcube, usememezele ukuthi usethi khumu esikhundleni sakhe sokuba yilungu lebhodi nomgqugquzeli omkhulu we-Naledi Theatre Awards ngemuva kweminyaka eyisikhombisa eyibambe ishisa.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili, uMaake kaNcube uthe yize esezibeka phansi izintambo kwi-Naledi kodwa akazishiyi kwezobuciko.
Kunalokho uzogxila ekwakheni amaphrojekthi amasha ahlose ukuthuthukisa ngawo abaculi abasebancane.
“Angisashiyi ngenxa yomsindo noma ukungavumelani. Ngishiya ngoba sengifeze lokhu engangizimisele ngakho. Manje yisikhathi sokudlulisa isibani kwabanye futhi ngiqale uhambo olusha,” kusho uMaake kaNcube.
UMaake kaNcube wajoyina i-Naledi Theatre Awards ngo-2019 njengelungu lebhodi, wabe eseba ngusihlalo wekomiti ngo-2021. UDawn Lindberg, umsunguli we-Naledi Awards, uthe uMaake kaNcube ushiya isikhala esikhulu.
“USello ulethe ubuhlakani, iziyalo, nothando lweqiniso,” kusho uLindberg.
UMaake kaNcube uveze ukuthi kunezinhlelo azimisele ngokusebenza phezu kwazo:
1. I-Sello Maake kaNcube Academy of Performing Arts:* Isikole sobuciko esizovulwa eSoweto ngoMandulo 2026, esizogxila ekufundiseni ukulingisa, ukuqondisa, nokubhala imidlalo kubantu abasha abaphuma emiphakathini empofu. Izifundo zokuqala zizoxhaswa ngokugcwele.
2. *Uhlelo lwe-“Izwi Lomlingisi”:* Umkhankaso kazwelonke wokufundisa abaculi ngamalungelo abo, izinkontileka, nokuphatha imali, ngemuva kokubona abaculi abaningi bexhashazwa embonini. “Ngifuna ukushiya ifa elingaphezu kwezindondo. Ngifuna ukushiya abantu abazokwazi ukuzimela kulo mkhakha,” kuchaza yena.
Nakuba eshiya i-Naledi, uMaake kaNcube uqinisekisile ukuthi usazoqhubeka nokulingisa.
Njengamanje usaqopha umdlalo omusha we-Netflix ozobonakala ekupheleni kuka-2026, futhi usazosakaza umdlalo wetiyetha othi _“The Return of uDonga”_ eMarket Theatre ngoNcwaba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
