
I-Ghana Football Association (GFA) iqoke uCarlos Queiroz njengo mqeqeshi weqembu lesizwe. UQueiroz (72) owazalelwa eMozambique kodwa ongowasePortugal, usayine inkontileka yeminyaka emibili ezophelela ngemuva kweNdebe Yomhlaba ka-2026.
Umongameli we-GFA uKurt Okraku uthe uQueiroz ukhethwe ngenxa yolwazi lwakhe lweNdebe Yomhlaba.Uke wahola iPortugal ngo-2010 ne-Iran ngo-2014, 2018, no-2022. Ubuye waqeqesha iBafana Bafana phakathi kuka-2000 no-2002.
Umsebenzi kaQueiroz omkhulu ukuqinisekisa ukuthi iGhana yenza kahle kwiNdebe Yomhlaba ka-2026 ezobanjelwa eMelika, eCanada, naseMexico. Uphinde abhekene nomsebenzi wokuvuselela iqembu ngemuva kokuphuma esigabeni samaqoqo kwi-AFCON ka-2023.
“Ngizizwa ngikhethekile ngokuthola leli thuba. I-Ghana inabadlali abanekhono. Manje sidinga ukusebenza ndawonye,” kusho uQueiroz.
Umdlalo wakhe wokuqala njengo mqeqeshi weGhana uzoba ngumdlalo wobungani neNigeria ngo-7 Juni 2026 eLondon.
Email: editor@ibunda.co.za
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
