
Izindaba ezimnandi kubabasebenzi baseNingizimu Afrika, njengoba sebezokhokhelwa ngokubika umqashi wabo.
Lezindaba zivele ngesikhathi uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uMmamoloko Kubayi, ekhipha kugazethi uMthethosivivinywa Wokudalula Okuvikelekile, nohlose ukuklomelisa izisulu ezisala dengwane uma sezimpimpe abaqashi bazo. Lomthetho usakhishwe keigazethi ukuze umphakathi uphawule ngawo.
UKubayi uthe sekube nezigameko eziningi lapho ababiki bolwazi (whistleblowers) behlukumezeka khona emsebenzini, okuhlanganisa ukumiswa nokuxoshwa. Kwezinye izimo ukuxoshwa kusetshenziselwa ukujezisa abasebenzi, ukukhokhwa kwemihlomulo kuyabambezeleka, okubuhlungu ukuthi abanye ababiki bolwazi balahlekelwe yizimpilo zabo,” kusho ungqongqoshe.
“Lapho befuna usizo olungokomthetho, abaningi ababikayo bayekwa bazulazule ezinqubweni eziyinkimbinkimbi ngaphandle kokusekelwa okwanele yisikhungo, ngokuvamile balahlekelwa yizinto zabo zokuziphilisa. “Lo Mthethosivivinywa uhlose ukubhekana nalezi zingqinamba ngokwethula uhlaka oluqinisiwe noluphelele ukuze kuvikelwe ababiki bolwazi,” kusho uNgqongqoshe.
“Kuhloswe ukuqinisekisa ukuthi abantu abeza ngaphambili banesiteshi sokubika esivikelekile, futhi nabo bavikelekile ekuziphindiseleni, basekelwe kuyo yonke inqubo, nokuthi ukudalulwa kwabo kuphathwa ngendlela efanele.” eqhuba.
Umsebenzi oshaye ikhwelo angase afanelekele inani elingeqi ingxenye eyodwa kwezine yenhlawulo yemali uma ubufakazi bakhe buholele ekugwetshweni komqashi.
UMthethosivivinywa omusha uphinde uphakamise iminyaka efinyelela kweyi-15 ejele kunoma ngubani odalula ukuthi ungubani onondweba noma oziphindiselela
I-Corruption Watch iwemukele loMthethosivivinywa Wokudalula Okuvikelekile, njengesinyathelo sokuvikela ababiki bolwazi, ukukhuthaza ukungafihli kanye nokuthuthukisa ukuziphendulela.
kusho ummeli we-CW uNkululeko Conco. I-CW yethemba ukuthi uMthethosivivinywa ngeke ube ngaphezu komsebenzi wokumaka ibhokisi, kanye nokuthi izinguquko ezibalulekile ezilandelayo zizobekwa eqhulwini emthethweni omusha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
