
UMsinga United uzobhekana neTika Taka Sport Academy emdlalweni womkhumulajezi wePirates cup eGoli namuhla.
UMsinga ukugwemile ukuhlangana ne-Orlando Pirates ku-Last 16 yalo mqhudelwano.
Umqeqeshi woMsinga United uSmart Ndlovu uthe bazimisele ngokuwunqob umdlalo wabo.
UNdlovu akalona ivukane lomqeqeshi njengoba enesipiliyoni esinzulu semiqhudelwano emkhulu ebholeni lase Ningizimu Africa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini wayengumqeqeshi weKZN Academy nayihola kwi-international U 19, wahlala isikhathi eside engumqeqeshi kuyo.
UNdlovu nophinde abengumqeqeshi weqembu elikhulu loMsinga United njengamanje usembangweni onzima ekujaheni isicoco se-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal kuStream B lapho leli qembu loMsinga United libanga noMkhambathi FC.
Ephawula ngePirates Cup, uNdlovu uthe lo mqhudelwano uhleleke kahle kakhulu kanti futhi uvulela amathuba abadlali abancane ukuthi bazibonakalise kwizinhloli zamaqembu.
“Nokudlala namaqembu angaphandle kweNingizimu Africa abadlali kuzobakhulisa kakhulu basheshe bajwayele ukudlala ibhola lase-Africa njengoba kukhona namaqembu aqhamuka eZimbabwe, Namibia, Botswana naseSwaziland, ” kusho uNdlovu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
