Odilikajele ngokubulala nokuzama ukubulala

INkantolo yesiFunda eMadadeni igwebe uMkhumbuleni Goodman Mbatha (54) noLinda Mbatha (25) odilikajele ababili ngamacala okubulala nokuzama ukubulala ngoJanuary 2023 eFlathela, eNewcastle. Omunye ummangalelwa uKwanele Ngubeni (19)  ugwetshwe iminyaka ewu-20 ebhadla ejele.

Ngo-31 December 2022, umufi uNtokozo Madonsela, umfowabo nommangali ecaleni lokuzama ukubulala, uThabiso Khumalo, babesekhaya bezijabulele ngobusuku bokwehlukanisa unyaka. Babona uNgubeni edlula ngejubane bamangala nje ukuthi kwenzenjani.

Ngakusasa uMadonsela, umfowabo noKhumalo bahlangana noNgubeni noLinda Mbatha bezihambela emgwaqeni. Babuza uNgubeni ngesigameko sangayizolo sejubane. Wabonakala ecikeka washwabula esonga ngokuthi benoMbatha babuya ntambama.

UNgubeni noLinda Mbatha babuya ntambama kwaKhumalo bajikijela amatshe namabhodlela khona. Baze bahamba ngesikhathi sebekhuzwa wunina kaKhumalo.

Ntambama babuya futhi sebehamba noMkhumbuleni Mbatha. uMkhumbuleni wangena kulo muzi samuntu ozokhuza impi. Wabiza uKhumalo eceleni wathi akangayi kwaMadonsela kodwa akeze kuye beyokosa inyama.

Kuthe sebehambile, unina kaKhumalo wathi abangayi kubo abalale kwakhe ngoba kukhona angakutholi kahle okusolisayo. UMadonsela, umfowabo noKhumalo bahamba bethi bayokhanyisa bazobuya.

Kuthe sebesendlini bangenelwa wuMkhumbuleni Mbatha, uLinda Mbatha noNgubeni babahlasela. Bagwaza uMadonsela washona. Umfowabo waphunyuka wabaleka kanti uKhumalo walimala kanzima kodwa wakwazi ukubalekela komunye umuzi.

Abamangalelwa baboshwa emuva kokuthi behlonzwe wufakazi obaziyo.

Sekuqulwa cala, uMshushisi uSicelo Hlela ubize ufakazi okunguKhumalo kwethulwa nombiko i-J88 oveza ukulimala. Kufakaze nomfowabo kaMadonsela nabanye ofakazi. Kwethulwe nombiko wokuhlolwa kwesidumbu oqinisekise imbangela yokufa. UHlela uveze kakhulu isihluku nokungaphusi emqondweni kwabenzi bobubi.

Inkantolo igwebe uMkhumbuleni Mbatha noLinda Mbatha udilikajele umuntu ngamunye ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala. UNgubeni ugwetshwe iminyaka ewu-20 ngokubulala, wagwetshwa iminyaka ewu-18 ngokuzama ukubulala. Izigwebo uzozidonsa kanyekanye nokuchaza ukuthi uzodonsa iminyaka ewu-20.

Inkantolo ibheke ukuthi uNgubeni wayeneminyaka ewu-16 ngesikhathi sesigameko nokuchaza ukuthi udilikajele awumfanele.

I-National Prosecuting Authority (NPA) iyasemukela isigwebo futhi kuxwayiswa amalungu omphakathi ukuthi agweme izenzo zodlame. Izinkantolo ziwathathela phezulu amacala alolu hlobo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.