Kukhuzwe isihlava sokushiswa kwamaloli eMpofana kwethula i-digital hub

Isithombe: Moses Kotane Institute

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal uMfundisi uMusa Zondi unxuse umphakathi waseMpofana ukuba uziphathe kahle uyeke umkhuba wokushisa amaloli.

Ekhuluma emcimbini lapho bekwethulwa khona i-digital hub eBruntville ngoLwesibili, uZondi uthe kubalulekile ukuthi umphakathi uziphathe kahle ukuze kunxenxeke abatshalimali.

“Siyazi ukuthi abantu bakithi abaguli emakhanda abavele bashise amaloli kodwa bakwenza lokho ngoba belambile ngoba siyazi ukuthi indlala ibanga ulaka,” kusho uZondi.

Uthe uma umphakathi ungashintshi indlela yokuziphatha ngeke abatshalimali beze endsweni.

UZondi unxuse umphakathi ukuba usiphathise okwezikhali zamaNtungwa lesi sikhungo.

Uthe bayazi ukuthi indawo yaseMpofana igubuzelwe ububha.

Uthe bayazi futhi ukuthi intsha engaphezu kuka-30% ayisebenzi eMpofana, wengeza ngokuthi unethemba lokuthi ukufika kwalesi sikhungo kuzosiza kwehlise leso sibalo.

UZondi uthe lesi sikhungo asikho ngakubo kodwa usesifake ezindaweni eziningi ngoba akasiye uhlohla esakhe.

Uthe yena intuthuko akayilethi ngekhadi lobuqembu.

UZondi uthe into ebuyisela abantu emuva intuthuko ekhetha iphela emasini.

NeMeya yaseMgungundlovu uMzi Zuma nayo ihambe emazwini kaZondi wathi kumele sivikelwe.

UZuma uthe kubalulekile ukuthi umphakathi usivikele lesi sikhungo ngoba sizoba wusizo kuwona.

“Akungathi uma nifuna izindlu noma nibona imigwaqo elimele bese nicekela phansi lesi sikhungo ngoba lokhu kuyonibuyisela emuva,” kush uZuma.

Uthe umkhandlu wabo nomasipala waseMpofana oholwa uKhansela uNkk Thembi Magubane benza konke okusemandleni abo ukuzama ukuthuthukisa nokuvuselela umnotho waseMpofana.

“Phambilini lapho bekukhona ifemu yendwangu ebiqashe abantu basendaweni, njengobuholi senza konke okusemandleni ukuyibuyisa leyo femu,” usho kanje.

UMagubane ubonge isikhungo iMoses Kotane Research Institute nomnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ngokuletha lesi sikhungo.

Uthe bona bayaqonda ukuthi uma beziphathe kahle kuningi abazokuzuza.

UMagubane uthe kuyomjabulisa ukubona sibuya isithunzi esidala saseMpofana.

Umhlonishwa uMagubane uphonsele inselelo uZondi ukuba bakhe ifemu yamafutha eMpofana.

Uthe indawo yokwakha ifemu ikhona kusele ukuthi kwakhiwe.

UMeya uphinde wathinta indaba yohlelo lwentuthulo enkulu kaR4. 5 billion eza eMpofana.

Uthe bayafisa nokuthi ngelinye ilanga kwakhiwe namahhovisi omkhandlu anesithunzi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.