Uhulumeni waseKZN uzongcwaba ababhubhe ezehlakalweni zemililo

Ngu: Sidlabehlezi Gumede

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfundisi Thulasizwe Buthelezi usethembise ukuthi bazofaka igxalaba bangcwabe abantu abangu-8, ababhubhe ezehlakalweni ezahlukene zomlilo esifundazweni.

NgeSonto uButhelezi uhole ithimba lakhe beyobhonga emswaneni emindenini elahlekelwe izihlobo zayo eMdoni nakwaDukuza.

Phakathi kwalaba ababhubhile kukhona nezingane ezincane.

Abashonile ngu-Asamkele Somtsewu (19), Solulele Somtsewu (1), Sokhula Somtsewu (1), Sivuyile Noyila (14), Amila Menemene (3), Sanele Cibane (37) no-Lungelo Cibane (30) no-Zamokuhle Dlamini (33).

Yize isizathu salemililo sisaphenywa kodwa uButhelezi uqinisekise ukuthi uhulumeni wenza okuthile ukusekela umndeni kanye nokunciphisa izingozi zesikhathi esizayo.

Usizo oluya emindenini luhlanganisa ukuhambisa izidumbu e-Eastern Cape lapho kufanele khona kanye nokukhokhela izindleko zomngcwabo ukuze kuqinisekiswe ukungcwaba okunesithunzi.

UMEC uphinde wayala i-PDMC ukuthi iqale ukufakwa kwama-smoke detector endaweni ethintekile KwaDukuza ukuze kuthuthukiswe ukuqwashisa kusenesikhathi.

“Ubuhlungu le mindeni edlula kubo abulinganiseki. NjengoHulumeni wesiFundazwe, ngeke siduduze nje kuphela—sizokwenza okuthile,” kusho uButhelezi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.