
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Uzophenduleka ngeSonto umbuzo mayelana nokuthi ngubani ozoba yinkosi ye-Stream B ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, njengoba izimbangi ezinkulu, Umsinga United no-Mkhambathi FC, zizotholana phezulu e-Sugar Ray Xulu Stadium eClermont.
Lo mdlalo iwona ozocacisa ukuthi ubani ozothatha isicoco se-Stream B.
Njengamanje, uMkhambathi FC uhlezi phezulu ku-Stream B ngamaphuzu angu 35, “Amabhubesi aseMsinga eMabomvini eBhubesini,” wona alele endaweni yesibili ngamaphuzu angu 31. Ukwahlukana kwamaphuzu phakathi kwalawa maqembu amabili kulindeleke ukuthi kungasho lutho uma esengena enkundleni.
Umlando walawa maqembu ugcwele ubunzima, hhayi kubadlali beqembu kuphela kodwa nasezikhulwini. Laziwa njengezimbangi ezingabhekani nhlobo, okwenza noma yimuphi umdlalo phakathi kwazo ube nomunye umfutho.
UMengameli we-Msinga United, uWelcome Mpanza, utshele i-IBunda News ngokuzimisela kweqembu lakhe. “Siwulungiselele kahle kakhulu lo mdlalo. Sidinga amaphuzu amathathu agcwele kulomdlalo ukuze sigudluze iqembu loMkhambathi FC. Akukho okunye ngaphandle kokunqoba,” kusho uMpanza ngesibindi.
UMpanza uphinde wanxusa abalandeli boMsinga United abazinze eThekwini namaphethelo ukuthi baphume ngobuningi babo bayogqugquzela abadlali beqembu.
Leli qembu laseMsinga lilandelwa ngabalandeli abaningi kakhulu ngaphansi kwe-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, futhi kulindeleke ukuthi bangagcini ngokuphuma abalandeli boMsinga kuphela, kodwa naboMkhambathi FC bazophehla izinkundla ukuze bazibonele le mpi enkulu yebhola.
Ngaphandle kwalokhu, kuzophinde kube nomunye umdlalo omkhulu phakathi kweNjampela FC noMvoti FC ozocacisa ukuthi ngubani inkuzi ku-Stream A. Njengamanje, uMvoti FC uhlezi phezulu ngamaphuzu angu 37, kodwa umehluko phakathi kwalawa maqembu ngamagoli kuphela.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
