Usomabhizini waseZim ukhuthaza intsha yaseMzansi ngokuzinikela ebhizinisini

Ngu: Mduduzi Mbangayiya

Esimeni lapho iningi lentsha libhekene nenselelo yokuntuleka kwamathuba emisebenzi, usomabhizini waseZimbabwe kodwa osezinze kuleli u-OJ, usungule inkampani yakhe, i-SCS Hauliers, egxile ekwakheni nasekulungiseni amagalaji kanye namapayipi kaphethiloli nodizili.

U-OJ uthi walishiya elakubo iZim ngenxa yokuntuleka kwamathuba emisebenzi.

Lokhu kwabangelwa unswinyo olwabekwa amazwe omhlaba anjenge-England, i-USA namanye, ngenxa yezinkinga zezepolitiki ezafaka izwe ebunzimeni obukhulu.

Le nkinga yadala indlala enkulu ezweni lonke, kwaphinde kwaba nodlame oludala ukubulawa kwabantu.

Ngenxa yalesi simo, izakhamuzi eziningi zaseZim zachithekela emhlabeni wonke zifuna impilo engcono.

U-OJ uchaza ukuqala kwebhizinisi lakhe njengokuhamba kanzima, lapho ayengabatholi nhlobo abaxhasi. Kodwa, ngokubekezela nangomfutho, wagcina esethole usizo emagalaji amakhulu akuleli anjengoShell Garage, Engen Garage, namanye, amsiza ukuba akhule. “Nakuba kunzima kodwa ngiyaqhuba,” kusho u-OJ, eveza ukuzinikela kwakhe.

Lo somabhizini ophumelelayo uphinde wanxusa intsha yaseNingizimu Afrika ukuthi isungule amabhizinisi ayo, ikakhulukazi emkhakheni wezobunjiniyela.

U-OJ ugcizelela ukubaluleka kwezemfundo, njengoba yena eneziqu zemfundo ephakeme zobunjiniyela. “Kungumkhakha obalulekile futhi onamathuba amaningi,” esho, ephonsa inselelo entsheni ukuthi izimele futhi yakhe amathuba ayo.

Umlayezo ka-OJ ugqugquzela ukubambelela ekukhulelweni nasekuphumeleleni, noma ngabe zinjani izimo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.