URulani uphendula ngokwengezwa komsizi wendawo

Umqeqeshi weWydad Athletic Club, uRhulani Mokwena, usephawule ngombono wokwengeza komsizi womqeqeshi wendawo njengoba, osomaqhinga baleliqembu kungabantu baseNingizimu Afrika kuphela. Ngesikhathi iqembu lidonsa kanzima selokhu kuqale isizini sekuneziphakamiso zokuthi iWydad kumele ibophe umqeqeshi wakuleli ukuze asize uMokwena.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-37 ubudala usexoxile ukuthi ucabangani ngokungeza indoda yasendaweni eqenjini lakhe lezobuchwepheshe.

“Umengameli uyawazi umbono wami, ungaphakathi kancane, ngakho ngizowuyekela eqenjini,” kusho uMokwena.

“Kuwo wonke amakilabhu uma sifika, sifuna ukushiya umlando waphakade, ngoba siyofika isikhathi sokuhamba, ngkaho kufanele sihambe nemali ethile yezwe, ukuze umsebenzi uqhubeke, ngoba sine iqembu elincane kakhulu.

“Sidinga ithimba lezobuchwepheshe elingakwazi ukuqhubeka nathi ngemuva kwesikhathi sethu, ngakho kubalulekile ukuthi sibe nomqeqeshi wasekhaya. Kodwa lokho kuyinqubo yabaphathi kanye nebhodi. “

Kuphetha lomlolongi waseNingizimu Afrika ngemizwa yakhe ngokuthi kubalulekile yini ukuba nomsizi wasekhaya eRed Castle.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.