“Ngiyazisola ngephutha engalenza ngoZwane” Broos

“Leli kungenzeka kube yiphutha lami elikhulu engilenze lapha eNingizimu Afrika, ukungamthathi ngomzuzu wokuqala. UThemba akayena nje umdlali okahle kodwa futhi ungumuntu olungile”. Lawo ngamzwi kaBroos awasho kwabezindaba ngesikhathi echaza, ngakubiza ngephutha lakhe elikhuliu eMzansi.

Ngemuva kokuqokwa njengomqeqeshi weBafana Bafana ngoMeyi 2021, u-Hugo Broos akazange amenze ingxenye yesikwati sakhe uThemba Zwane, ephikisa ngokuthi lo mdlali wasesiswini ubengahambisani neminyaka yakhe.

Kodwa ngemuva kokuba lo mdlali onamava edlala kuMamelodi Sundowns emtshengise ukuthi unguba ebholeni, kuphoqe lo mdlali waseBelgium ukuthi ashintshe umqondo ngalo mdlali oseyisekela likakaputeni weqembu lesizwe.

UZwane ubuyele eqenjini lesizwe ngoSepthemba 2022 kanti kusukela lapho, ubengumdlali obalulekile weBafana kanti uBroos wavuma ukuthi ekuqaleni wenza iphutha kulo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala.

Umqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos, uyavuma kukaputeni weMamelodi Sundowns uThemba Zwane ‘iphutha elikhulu’ – ‘Ngicabanga ukuthi akasona isilima’ Lo mqeqeshi odabuka eBelgium uqale wadelela ukaputeni weMamelodi Sundowns kwelesizwe kodwa wabuye wabheka isimo sakhe ngalesi sihlabani esinamava.

“Futhi lapho efika okokuqala eqenjini, ngamchazela ukuthi kungani engazange abe nathi kwasekuqaleni, futhi ngicabanga ukuthi akasona isilima.

“Ubekuqonda futhi mhlawumbe bekumele asho, nawe mqeqeshi, mhlawumbe ubuqinisile ngaleso sikhathi,” kwengeza lowo owayengumqeqeshi weCameroon.

“Kodwa ngamnika ukuzethemba ngokuphelele kwasekuqaleni, ngamcela ukuthi adlale ngendlela ethile. UThemba kithina yindoda okumele adlale phakathi kwemigqa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.