
Amaphoyisa abophe abasolwa abayisithupha abebehlomile nokukholakala ukuthi yibo abagebenga imali enkulu eZimbabwe, lapho kwebiwa khona imali engaphezu kuka-$4 million evenini yemali koBulawayo ngesonto eledlule.
Abasolwa babanjwe kulandela umkhankaso wokuthungathwa izwe lonke ogcine ngokuthi kugasele abantu ezindaweni ezahlukene koBulawayo namaphethelo. Lesi sigameko, esenzeke emini kabha emgwaqeni ophithizelayo, sibone izigebengu ebezihlome ngezibhamu zizungeza iveni yonogada ngemuva nje kokulanda imali egatsheni le-Ecobank eNRZ Building.
Lezi zigebengu ebezigqoke izifihla-buso futhi zishaya ama-AK47, zikwazile ukuwisa onogada zabaleka namabhokisi abenemali eyizigidi.
Okhulumela amaphoyisa uKhomishana uPaul Nyathi ukuqinisekisile ukuboshwa kwalaba, wathi: “Isinyathelo esisheshayo samaqembu ethu aphenyi siholele ekutheni kubanjwe abasolwa abayisithupha ababandakanyeka esigamekweni sokugetshengwa. Sikholelwa ukuthi lokhu kuwumphumela wemizamo edidiyelwe kanye nemikhondo eqinile ehlinzekwa amayunithi ethu ezobunhloli.”
Laba baboshwe ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kwenziwa uphenyo olunzulu. Iziphathimandla zisola ukuthi kunomsebenzi wangaphakathi, njengoba lezi zigebengu zibonakala zinolwazi oluningi mayelana nokusebenza kwemoto yemali.
Imithombo yezomthetho iveze ukuthi esinye sezigebengu ezifunwa kakhulu eZimbabwe, u-Elijah Vumbunu, wabamba iqhaza elikhulu ekugwebeni ukuphanga. UVumbunu nabafowabo, abadume ngokuphanga kuhlonyiwe, bake bayamaniswa emacaleni afana nalawa.
Ngesikhathi eboshwa, amaphoyisa athole enye yemali eyebiwe, izibhamu kanye neFord Ranger emhlophe ebisetshenziswa njengemoto yokubalekela. I-number plate yemoto okutholakale ukuthi ingumkokotelo ibambe elikhulu iqhaza ekuthungatheni abasolwa.
“Abasolwa abanengi bebevele benze izinhlelo zokuphuma kuleli, kodwa ngenxa yokusabela kwethu ngokushesha, sikwazile ukubabamba ngaphambi kokuba babaleke,” kwengeza uMthunywa uNyathi.
Abasolwa abayisithupha bazovela enkantolo ezinsukwini ezizayo, lapho bezobhekana khona namacala okuphanga behlomile nelokwakha itulo lokwenza ubugebengu. Amaphoyisa ayaqhubeka nokuphenya ukuthi ngabe bakhona yini abasebenzi bakwaSafeguard noma bakwa-Ecobank abathinteka kulesi sigameko sokugetshengwa.
Ukubotshwa kwabasolwa kulethe impumuzo kuzakhamizi zakoBulawayo, ngoba ubugwegwe butshiye umphakathi ubambe ongezansi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
