
Isikhwama se-Road Accident Fund (RAF) sikhiphe isexwayiso esishubile kwabafaka izicelo mayelana nabameli abangathembekile abaxhaphaza amakhasimende abo ngokubolekisa ngegrosa neyokuthutha ngamanani enzalo emba eqolo ngesikhathi izicelo zabo zisalindile.
Ngokwe-RAF, ziningi izikhalo eziye zatholwa mayelana nezinkampani zabameli ezikhokhela abafaki izicelo imali encane kakhulu kunaleyo ezikhokhelwe yona yisiKhwama.
Isikhulu esiphezulu se-RAF, uCollins Letsoalo, sizwakalise ukukhathazeka ngezinhlelo ezingekho emthethweni, ezibhekelela izimfuno zamafemu abameli kunalezo zabafake izicelo.
“Laba bameli baboleka amakhasimende abo imali ukuze akwazi ukubhekana nezindleko zokuphila njengegilosa nokuthutha ngesikhathi kusacutshungulwa izicelo zabo. Babe sebefuna ukukhokhelwa ngenzalo exakile esinxephezelweni se-RAF sekhasimende,” kusho uLetsoalo. Uqhube wathi lo mkhuba awukho emthethweni futhi uxhaphaza abasinda ezingozini zomgwaqo.
ULetsoalo ugqamise iqiniso lokuthi amazinga aphezulu okungalingani eNingizimu Afrika enza abantu abaningi abasinde ezingozini zomgwaqo baphelelwe yithemba, okubenza babe yizisulu zalezi zinhlelo.
Abameli kuthiwa baphoqa amakhasimende ukuthi asayine izivumelwano eziwavimba ekubeni angabaze inani lezinkokhelo zawo zeRAF.
“EMpumalanga ezinye izinkampani zabameli ziphoqa amakhasimende azo ukuthi athole isinxephezelo kancane kancane. Ezweni lonke, abafake izicelo babika ngokunganakwa abameli babo, becindezelwa ukuthi basayine amaphepha abangawaqondi, futhi bengazi ukuthi banelungelo lokuthola usizo lwezokwelapha kuyilapho belindele isinxephezelo. Abaningi basala bengakwazi ukuthola izimali zabo kuze kube yiminyaka emihlanu ngemuva kokuthi izicelo zabo seziqediwe,” kuphawula uLetsoalo.
I-RAF isanda kubika i-Spruyt Incorporated Attorneys ku-Legal Practice Council (LPC), kulandela izikhalo zokuthi le nkampani ikhokhele ikhasimende u-R10,400 nje kuphela emalini engu-R241,000. I-RAF isize futhi abamangali abaningi ekuvuleleni inkampani amacala obugebengu.
“Sikhuthaza noma yibaphi abantu abafake izicelo kule mikhuba ephambene nokuziphatha ukuthi bathinte i-RAF ngokushesha. Ngonyaka odlule, sandise amandla esikhungo sethu sokuxhumana ukuze siqinisekise ukuthi izinto zisobala futhi zingenzeleli ohlelweni lokufaka izicelo,” kwengeza uLetsoalo.
Abafake izicelo bangafinyelela Isikhungo Sokuxhumana se-RAF ukuze bathole ulwazi olwengeziwe mayelana nezimangalo zabo nesimo sokukhokha ku-087 820 1111. I-RAF igcizelela ukubaluleka kokubhekana nalezi zinkinga ukuze kugcinwe ubuqotho benqubo yokufaka izicelo futhi iqinisekise ukuthi abafake izicelo bayayithola isinxephezelo esibafanele.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
