
Amaphoyisa aseRichards Bay abophe umsolwa oneminyaka engu-19 obefunelwa icala lokubulala uKhanya Mthembu oneminyaka engu-21 okusolakala ukuthi wamgwaza wambulala endaweni yaseMzingazi ngomhlaka-8 Septhemba 2024.
NgoLwesithathu ebusuku, mhla ziyi-11 kuMandulo wezi-2024, amaphoyisa aseRichards Bay Crime Prevention aqoqe ezobunhloli ngomsolwa owayegibela emotweni endaweni yaseMadlankala Esikhaleni efuna ukubaleka lapho ayecashe khona KwaNongoma. Kwaqalwa umkhankaso ngokushesha umsolwa wanikezwa i-lift yiphoyisa ebelishayela imoto yamaphoyisa engamakiwe.
Iphoyisa livele lafika lapho okugcwala khona izimoto lacela ukuhlehliswa kwaze kwaholela ekutheni kuboshwe umsolwa. Imininingwane etholakala emaphoyiseni iveza ukuthi umsolwa nomufi babe nokuhilizisana endaweni yokucima ukoma kwathi ngesikhathi umufi ephuma endaweni yokucima ukoma, kuthiwa umsolwa wamlandela wamgwaza washona eduze kwenkundla yezemidlalo. Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay ngoLwesihlanu, 13 September 2024.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
