
Sekudutshulwe kwabulawa induna uDalinzo Mareke waseMthatha West e-Eastern Cape, obesanda kuziphika izinsolo zokuqola esikoleni.
Ezinsukwini ezingu-6 ezedlule, induna yaseMthatha West uDalinzolo Mareke kuxoxiswane naye esiteshini sezindaba lapho ephike khona izinsolo zokuqolwa kwezikole endaweni, wathi umphakathi awunalwazi ngalezi zinsolo nokuthe kungakapheli izinsuku eziyi-6 sekuvele izindaba zokuthi useshonile.
UNobhala-jikelele weContralesa uZolani Mkiva uthi abazazi izinsolo zokuthi induna uDalinzolo Mareke iyabandakanyeka ekuqoqweni kwezimali kubantu baseMthatha West. Amaphoyisa ase-Eastern Cape aseqinisekise izinsolo zokubulawa kweNduna uDalinzolo Mareke.
Phakathi kwezikole uMareke ajwayele ukuziqola kubalwa i-Efata Special School for The Blind and Deaf eMthatha, lapho iNduna uDeluxolo Mareke ibifuna khona imali ewu-R5000 kuthishanhloko, okungenjalo avele ethi uzombulala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
