
Esinzweni esesithuse umphakathi, ngesikhathi kudutshulwa kwabulawa uthisha wesikole samabanga aphansi ePhikiswayo Primary School, eNtuzuma enyakatho yeTheku ekuseni. Esitatimendeni uzwakalise ukudabuka okukhulu uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokuqinisekisa ukuthi uthisha wesifazane udutshulwe wabulawa kabuhlungu ePhikiswayo Primary School namhlanje ekuseni, zingama-29 kuJulayi 2024.
UMqondisi Wesifunda, Abaphathi Bezifunda, kanye nabamele Usizo Lwezemfundo Yezidingo Ezikhethekile (SNES) bathunyelwe endaweni yesigameko ukuze banikeze ukwesekwa nosizo ezinhlangothini ezithintekile.
“Sibuhlungu ngokulahlekelwa uthisha obezinikele. Imicabango nemikhuleko yethu isemndenini nasesikoleni kulesi sikhathi esinzima,” kusho uNgqongqoshe uSipho Hlomuka.
UMnyango uyasigxeka lesi senzo sodlame esingenangqondo futhi ucela abomthetho ukuthi basheshise uphenyo lwabo ukuze baqinisekise ukuthi ubulungiswa buyenzeka. Sinxusa noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi asize amaphoyisa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
