URulani Mokwena neSundowns kungenzeka bahlukane ngenxa yezingxushungxushu

IMamelodi Sundowns kanye nomqeqeshi uRulani Mokwena kungenzeka bahlukane phakathi phakathi kwezinxushunxushu. Ngokwemibiko, iMamelodi Sundowns nomqeqeshi uRulani Mokwena basezingxoxweni zokuqeda ubudlelwano babo ngemuva kwezinyanga ezingu-12 uMokwena esayine inkontileka yeminyaka emine.

Yize singakathathwa isinqumo esisemthethweni kodwa kubukeka emaningi amathuba okuthi uMokwena ehle esikhundleni sakhe. Okuphakathi kwalokhu kukhula wubudlelwano obungebuhle phakathi kukaMokwena nomqondisi wezemidlalo uFlemming Berg.

UBerg, ojoyine iSundowns ngo-Ephreli 2022 ngemuva kokusebenza ne-FA yaseDenmark kanye ne-Chelsea njengomphathi wokuthuthukisa amakhono kanye nomhloli wamazwe ngamazwe, ungeniswe ngesikhathi uMokwena esaqeqesha noManqoba Mngqithi. UMokwena ngokuhamba kwesikhathi waba nguye yedwa umqeqeshi oyinhloko, indima kaBerg yambeka ngaphezu kweqembu lezobuchwepheshe.

Imithombo iveza ukuthi laba bobabili bakuthola kunzima ukuhlanganisa imibono yabo ngeqembu, udaba oselushubile njengoba sekusondele iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngesizini ka-2024/25. Leli qembu selivele lidedele abadlali abaningi okukhona kubo uBrian Onyango wasemuva, abadlali basesiswini uBongani Zungu noGaston Sirino nomgadli uThabiso Kutumela.

Ngaphezu kwalokho, umhlaseli uJunior Mendieta uke waveza ukuthi uzoya eGreece. Phezu kwalokhu kushiya, iSundowns, okubhekwe ukuthi iqale ekhempini yokulungiselela isizini e-Austria ngasekupheleni kwenyanga, ayikabamemezeli abasha abadlali abasha. Ukungabi khona kukaMokwena ngoMsombuluko ngesikhathi iqembu lokuqala labadlali libuyela eChloorkop ukuyohlolwa kuqhubekisele phambili ukuqagela ngekusasa lakhe.

Akukacaci noma bekulindeleke ukuthi abe khona yini njengoba kuhlelwe ukuthi imidlalo yokulungiselela isizini iqale ngasekupheleni kwesonto. Njengeqembu lonke, uMokwena ubesanda kubuya ekhefini. Imibiko iveza ukuthi uMokwena uhlongoza ukuthatha ikhefu lonyaka wonke, ukuze uBerg aqhubeke nomsebenzi wakhe neqembu. Lesi siphakamiso sikhombisa ukuthi uMokwena ukholelwa ukuthi ukuqashwa kweqembu eliholwa nguBerg kubalulekile kulesi sikhathi.

UMokwena, osanda kunqoba iDStv Premiership waqokwa njengomqeqeshi ovelele, uthole impumelelo enkulu kwiSundowns. Ngaphansi kobuholi bakhe, iqembu lazuza ubuqhawe balo besikhombisa belandelana futhi lawina i-African Football League yokuqala ngoNovemba. Phezu kwalokhu akuzuzile, uMokwena usephumele obala waveza ukungabaza kwakhe ngekusasa lakhe neqembu.

Ukushiya kwalo mqeqeshi kwenzeka ngesikhathi iSundowns ilungiselela isizini entsha, nokushiya leli qembu lisesimweni sokungaqiniseki. Njengoba izingxoxo ziqhubeka, amathuba okuphuma kukaMokwena asephezulu, nakuba isinqumo sokugcina singakafinyelelwa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.