
Amaphoyisa aseLimpopo aqale umkhankaso wokuthungatha uTlou Koko, 12, wasesigodini saseLekhureng, esisendaweni yamaphoyisa eMatlala eCapricorn District, owaduka ngoJuni 2, 2024. Imibiko iveza ukuthi ingane ihambe ekhaya ingatshelanga muntu lapho iya khona futhi isinyamalele.
Uphenyo lokuqala luveze ukuthi uKoko ugcine ukubonakala ehamba nowesilisa wasePakistan owaziwa ngelika-“Abdul” kulo muzi. NgoMsombuluko, washayela unina ucingo, ethi useMelika. Umndeni wabika emaphoyiseni ngokuduka kwakhe, nokwaholela ekuvulweni kwefayela lomuntu olahlekile. Icala lidluliselwe ophikweni oluphenya ngodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi eSeshego ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekutholeni ingane ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze, ashayele inombolo yeCrime Stop ethi 08600 10111, noma asebenzise iMySAPSApp. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
