Uthi akanayo ingcindezi nge Comrades Marathon uGerda Steyn

UGerda Steyn uthi iComrades Marathon uthi uyilungiselele ngokwanele iComrades Marathon ngesonto. UGerda Steyn waqala ukunqoba iComrades Marathon ngo 2019 ngesikhathi yenyuka, waphinda wayinqoba ku Down Run ngo 2023.

UGerda Steyn uphinde waphawula kabanzi ngomjaho wangesonto wathi ingcindezi yona ikhono mangabe wenza kahle. Kubasubathi abazoshiyelana inkundla no Gerda Steyn kukhona Alexandra Morozova wase Russia oseke wayinqoba ngo 2022. UDominika Stelemach wase Poland oseke wangena endaweni yesibili ku Down Run ne Up Run, kuthi uCatriona Jennings wase Ireland osengene amahlandla amathathu ku Podium kuthi uJenet Mbele ongene endaweni yeshumi ku Comrades Marathon ngonyaka ofile.

Kubekhona Adele Broodryk osengene amahlandla amabili ku Podium ngoba uqale wathola unombolo 3 waphinda wathola unombolo 2, kanti Adele Broodryk ubhekwe ngabomvu ukuthi agquzule uGerda Steyn ku Comrades Marathon ngesonto.

UGalaletsang Mekgoe waba yintokazi yokuqala yabantu abamnyama ukungena ku Podium ngo 2022 engena ku nombolo 5, kwathi uCarla Molinaro we Hollywood Athletics Club usengene amahlandla angu 6 ku Podium. Lomjaho uzoqala ngo 5:30 eCity Hall eThekwini uphelele eScott Ville Hollywood Stadium.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.