
NgeSonto ntambama izingane ezimbili okungoTinyiko noMpfumo kuthiwa zidutshulwe zabulawa umsolwa owaziwayo owayefuna uyise eSoshanguve, Extension 7. Abasolwa kukholakala ukuthi bagcwele amathafa kulandela lesi sigameko.
Umama wezingane ezimbili ezineminyaka engu-4 no-7 ubudala, u-Itumeleng Mashaba uthe ubesanda kungena ngesango elingemuva esuka kwamakhelwane ngesikhathi ezwa izwi lowesilisa ekhuluma nezingane zakhe ebuza ngabazali bazo. Emuva kokuthi izingane zithe abazali bazo baphume, umsolwa uthe bazofela imali uyise ahamba ngayo eqoqa kwase kulandela umsindo wezinhlamvu. Ngenxa yokwesaba uMashaba wazama ukunyonyoba ngesango elingemuva efuna usizo nokuyilapho umsolwa ephume khona waqala ukumjaha.
Uthe ukwazile ukubaleka emijondolo eya endaweni ephephile. Uyise wezingane ezishonile uLouis Manganye uthi uyamazi umsolwa ongusomabhizinisi wendawo. Uthi akazi ukuthi kungani le ndoda iqale udlame olunje futhi iphinde yadubula abanye abantu abane ezinsukwini ezimbili ezedlule. UManganye uthi uyingxenye yesigungu sokulwa nobugebengu endaweni futhi baqoqa iminikelo kubahlali basemijondolo ukusiza ukugcina ukuthula emphakathini.
Uqhube wathi ngesikhathi begcina ukukhuluma nomsolwa wayethembise ukuthi uzoletha nomnikelo wakhe. Umsolwa ube esekhomba abantu abaningi emphakathini wabe esengena esigamekweni sokubulala okuhlanganisa nokubulala izingane ezimbili. Kusolwa ukuthi abantu abayisithupha badutshulwe esikhathini esiyizinsuku ezimbili ngumsolwa ngokusho kukaManganye.
Umsolwa kukholakala ukuthi ucashe ndawana thize ngase-M17 eSoshanguve kanti uManganye ucele ukuthi noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekubambeni umsolwa ashayele amaphoyisa ngokushesha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
