“Sesike sahlangana ne-ANC ne-IFP” John Steenhuisen

Umohli we-Democratic Alliance (DA), uJohn Steenhuisen useveze ukuthi iqembu lakhe selike lahlangana neqembu le-ANC kanye ne-IFP. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iDA ilale indawo yesibili kuqembu le-ANC, ngemuva kokushayeka kukaKhongolese kukhethu likazwelonke.

Ukuhluleka kuka-ANC ukuthola amavoti amaningi kubangele ukuthi leliqembu liqale lifune elinye iqembu elizoshada nalo ukuze likwazi ukuqhubeka libuse.

“Sesike sahlangana ne-ANC ne-IFP kodwa lezi zisezigabeni zokuqala, akukaze kube khona imibono neziphakamiso ezibekwe etafuleni. Silindele ukubona ukuthi kuzokwenzekani kwi-NEC. Sithemba ukuthi ube nokucaca okuthile ngempelasonto.” Umholi weDA uJohn Steenhuisen uxoxa noXoliMngambi weNewzroom Afrika.


.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.