
Uthisha oneminyaka engu-47 ubudala wesikole samabanga aphansi ume phambi kweNkantolo yeMantshi yaseWolmaransstad ngoLwesihlanu, ebhekene namacala ahlobene nezinsolo zokudlwengula izingane.
Ukuvela komsolwa kulandela ukuboshwa kwakhe e-Leeudoringstad ngoLwesine, 16 May 2024, ngemuva kokubikwa kwamacala ngumama nothishanhloko wezingane ezimbili, ezineminyaka engu-12 nengu-14, esiteshini samaphoyisa sendawo ngoLwesibili, 14 May 2024.
Ngokwemibiko, ummangalelwa kusolakala ukuthi wenza lezi zingane ezincane zimsize emisebenzini enjengokuphatha izincwadi noma ukuyolanda izinto ehhovisi lakhe, lapho okusolwa khona izenzo zocansi.
Umsolwa uboshwe emagcekeni esikole ngoLwesine, mhla ziyi-16 kuNhlaba wezi-2024. Umsolwa ugcinwe esitokisini njengoba kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngoLwesibili, zingama-21 kuNhlaba wezi-2024.
Ezwakalisa ukudumala ngalesi sigameko, uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Sello Kwena usigxekile izinsolo zokuhlukunyezwa, egcizelela ukwephulwa kokwethenjwa okwenziwa ngumuntu ophathiswe ukuvikela nokunakekela izisulu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
