Abebudlela emotweni yomsebenzi amaphoyisa

Abaphathi bamaphoyisa eGauteng baphawule ngokukhathazeka nokudumala kwe-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa ilungu leSAPS lidakwe lingaphakathi emotweni yamaphoyisa ebhalwe uphawu. Amaphoyisa enze uphenyo kwaqinisekiswa ukuthi imoto ngeyesiteshi samaphoyisa i-Etwatwa kanti iphoyisa elisebenzela esiteshini esifanayo beliyishayela.

Ngokushesha kwathathwa izinyathelo futhi ilungu selithweswe amacala obugebengu ahlanganisa ukushayela uphuzile, ukushayela imoto yombuso ngaphandle kwemvume yomnikazi kanye nokushayela budedengu. Kuphinde kwavulwa icala lomnyango elibhekene nelungu


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.