
U-Shi Zhuming (51) ongowokudabuka eChina ulahlwe yicala lokutholakala ne-crayfish, evikelekile ngaphansi komthetho iNational Environmental Management Biodiversity Act (NEMBA) waseNingizimu Afrika.
U-Zhuming waboshwa ngoJanuwari 4, 2024, esikhumulweni sezindiza i-OR-Tambo International Airport ngemuva kokuba iziphathimandla zilunywe indlebe ngama-crayfish angu-158 atholakala emthwalweni wakhe ngesikhathi efika evela e-Harare.
I-crayfish eyayishaqiwe yanikezwa ngokushesha kuziphathimandla zezemvelo ukuze kuqhutshekwe nezinyathelo ezengeziwe. Ehlala ngase-East Gate, uZhuming waboshwa ngokushesha wabe esemiswa ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKempton Park, lapho athola khona ibheyili ka-R30,000.
Ngemva kokuqulwa kwamacala, ngoMeyi 6, 2024, inkantolo yamhlawulisa u-R50 000 uZhuming. Ukwengeza, uthole isigwebo esilengisiwe seminyaka emihlanu, esinemibandela yokuthi angatholwa enecala elifanayo ngaphansi koMthetho we-NEMBA esikhathini esizayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
