
Idolobhana laseModipane esifundeni saseKgatleng eBotswana libhekene nenkinga ekhulayo yabantu bokufika abangenazo izimvume, ikakhulukazi abavela emazweni angomakhelwane beZimbabwe, abenza izenzo zobugebengu.
Iphephandaba iBotswana Guardian lithi iziphathimandla zezizwe zizwakalisa ukukhathazeka ngokwanda kwezinga lobugebengu nokwesaba okukufaka ezakhamuzini.
UKgosi Fanuel Mokalake, umholi walesi sigodi, ukhulume neSolezwe laphakathi nesonto ngalolu daba, waveza ukuthi abokufika ngokungemthetho bavamise ukungena ezenzweni zokweba imfuyo nokugqekeza.
Uthi lokhu kubangelwa ukugugudeka komnotho weZimbabwe osekuphoqe abanengi ukuthi bayedinga amathuba kwezinye indawo.
UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya eBotswana, u-Anna Mokgethi, ukuqinisekisile ukuthi isimo sishubile, waveza ukuthi abantu baseZimbabwe bangamaphesenti angama-98 abo bonke abokufika abangekho emthethweni.
Naphezu kwemizamo yokuxoshwa, abantu abaningi bayakwazi ukubuya, okwenza kube nzima ukulawula isimo ngempumelelo.
“Izakhamizi zaseModipane zihlalele ovalweni ngenxa yabantu baseZimbabwe,” kuzikhalela uKgosi Mokalake, enxusa izakhamuzi ukuthi ziyeke ukuqasha abantu bokufika ngokungemthetho.
Uveze udaba lwakamuva lapho isizalwane seZimbabwe, uMethulesi Moyo, owetheswa icala lokubulala isakhamuzi, egcizelela ubungozi obungase buhlanganiswe lokutheleka kwabantu.
Okwengeza ezinkingeni zomphakathi ukwanda kwamacala odlame olusekelwe kubulili (GBV).
Kusukela ngoJanuwari 2024, amacala ayishumi abikwe enkantolo yesintu yaseKgosi Mokalake, iningi lezisulu ligcine lizihoxisile izikhalo zazo.
Induna izwakalise ukukhathazeka ngalo mkhuba, yagcizelela ukuthi yenza kube semthethweni izenzo zabenzi bobubi futhi ibavumela ukuthi baqhubeke nokuziphatha kwabo okuhlukumezayo.
Wenze isibonelo sakamuva lapho isisulu sahoxisa icala ngenxa yokuthi umsolwa nguyena owondla umndeni, esaba umphumela wezomnotho wokuboshwa kwakhe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
