Kufunwa indoda eneso elilodwa ngokubulala amaphoyisa

NgoMsombuluko wangomhla zingama-22 kuMbasa (April) wezi-2024, iNkantolo yeMantshi yaKabokweni ikhiphe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe uBlessing Fakude osolwa ngokubulala iphoyisa elalingekho emsebenzini, uCaptain Sibusiso Mthombothi (44).

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi kunokudubulana endaweni yokugeza izimoto Kanyamazane ngoMgqibelo, Januwari 13, 2024.

Umsolwa, uJacky Sibusiso Ntiwane (Maseko), oneminyaka engu-35 ubudala, ufunwe uphiko loKlebe oluzinze eNelspruit iSerious Organised Crime Investigation ngezinsolo zokubandakanyeka ekubulaweni. Ukuphishekela kwakhe kwabikwa ezinkundleni zokuxhumana ezahlukahlukene ngoJanuwari 24, 2024.

Ngokusebenzisana neCrime Intelligence, iDirectorate for Priority Crime Investigation (DPCI) yabopha uNtiwane ngoLwesithathu, mhla zingama-20 kuNdasa wezi-2024, eKanyamazane.

Ithimba elihlanganisa iNelspruit Crime Intelligence, ithimba leProvincial Tracking, kanye neTactical Response Team lafika kwaNtiwane ngezithuba zabo-2:00 ekuseni ngomhlaka-20 Mashi, nakuba kwakuyingozi enkulu njengoba umsolwa kwaziwa ukuthi uhlomile.

UNtiwane wavalwa ekhoneni wabe eseboshwa. Uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaKabokweni ngoLwesihlanu, mhlaka-22 Mashi 2024, ezobhekana necala lokubulala. Icala lihlehliselwe u-Ephreli 4, 2024 ukuze afake isicelo sebheyili, kodwa uNtiwane wakhetha ukusichitha isicelo sakhe sebheyili ukuze aphephe.

Icala lihlehliselwe uMeyi 10, 2024 ukuze kuqhutshekwe nophenyo, uNtiwane usagqunywe esitokisini.

UMajor General Gerber, oyiNhloko yoKlebe esifundazweni, usenxuse uBlessing Fakude ukuthi eze ngaphambili azosebenzisana nophenyo. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ulethe ulwazi ngokuthi ukuphi uFakude ngokuthi uthinte amaphoyisa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.