
Amaphoyisa aseNorthern Cape abophe abantu abangu-8 baseNigeria abahlasele amaphoyisa balimaza nokuholele ekutheni kulimale nezimoto zamaphoyisa.
Lesigameko senzeke kafushane nje ngesikhathi amaphoyisa ephetha ngokubopha omunye wabadabuka eNigeria odayisa izidakamizwa ngesikhathi eqhuba uphenyo.
Iqulu labantu baseNigeria libe selihlasela amaphoyisa. Amaphoyisa adubule ngezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku. Umsolwa oyedwa waboshelwa ukutholakala nezidakamizwa ezingekho emthethweni, abasolwa abathathu baboshelwe udlame emphakathini kanti bavalelwe esiteshini samaphoyisa eKimberley.
Ngesikhathi kuqhubeka lolu hlelo, abasolwa bagqekeze amawindi esiteshini okudale ukuthi kwengezwe namacala okucekela phansi impahla.
Elinye iqembu labantu baseNigeria ngokuhamba kwesikhathi laya esiteshini samaphoyisa lasabisa ngokuthi lizoziphindiselela. U-Operational Commander uxwayise ithimba ukuthi lihlakazeke. Nokho, ngesikhathi lihlakazeka leli qembu lalimaza izimoto zamaphoyisa. Abanye abasolwa abane baboshelwe ukucekela phansi impahla.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
