USizwe Dhlomo uxolise kuBa2cada ngemuva kokudalula iholo lika-R180k

Umsakazi weLesedi FM odume ngo-Ba2cada, ogama layo langempela nguNyakallo Leine ubilokhu engundaba mlonyeni ezinkundleni zokuxhumana kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule. Lokhu kuza ngemuva kokuthi ebonakale ohlelweni lukaMac G lwePodcast and Chill kuYouTube.

Engxoxweni abe nayo noMac G, uthinte izinsuku zakhe zangaphambili zokungena embonini yezindaba nokuthi wayehola malini ngaleso sikhathi. UBa2cada uveze ukuthi usehola u-R180 000 ngenyanga esebenza kwiLesedi FM

Khonamanjalo ukudalulwa kweholo lakhe kudale izingxoxo ezakuhlukene emphakathini ezinkundleni zokuxhumana. Abaningi bancome umakadebona wohlelo ngokubekezela abanye bebona ukuthi iholo lomuntu kufanele ligcinwe liyimfihlo.

Ethathela ku-X (eyaziwa ngokuthi i-Twitter), omunye wabasebenzisi ubuze umbono kaSizwe Dhlomo ngalolu daba. Kulokhu, uphendule wathi: “Angazi nokuthi ubani lowo bhuti…”

Lesisenzo sikaDlomo sokungamazi lomsakazi sidonse izinkulumo kubasebenzisa baku-X, abanye bemgxeka ngokungamazi lomakadebona womsakazi nosezakhele udumo eminyakeni edlule.

Nokho, ngokuhamba kwesikhathi uSizwe waxolisa engosini ebhala: “Noma kunjalo, ngibingelele kuBa2cada! Bengingaqondile ukukudelela bhuti. Nginesiqiniseko sokuthi uyindoda ekahle.”

Uphinde waveza ukuthi kungenzeka bahlangana isikhashana uSizwe ebhukhelwe uBa2cada ukuze enze igigi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.