
Ukaputeni weqembu laMabhokobhoko, uSiya Kolisi, uthenele ubaba wakhe isithabathaba somuzi endaweni eseduze nolwandle eGqeberha.
Engxoxweni, uRay Kolisi uveze ukuthi indodana yakhe engumdlali webhola lombhoxo, 32, imthengele indlu entsha ngonyaka odlule. “Wangithengela umuzi ngonyaka odlule ngoMashi eBluewater Bay, eduze nolwandle,” usho kanje.
Ubaba kaSiya waphumela obala mayelana nempumelelo yeNdebe Yomhlaba yakamuva, wathi namanje akakakholwa. “Kusekusha kimina. USiya ujabule nomndeni yize sihlangani [ngokuvamile, kodwa], yena [uSiya] uyabuya [ekhaya] mhlawumbe njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha,” kusho uRay.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
