
Imibiko ekhulayo ibika ukuthi Penny Ntuli usethenjiswe umsebenzi nguMnuz Zwakele Mncwango ongenele isikhundla sokuba nguNdunankulu we-ActionSA KwaZulu-Natal.
Lo msakazi ushiye iGagasi FM njengoba ebephiwa iholo lika-R2800 ngenyanga. Abasebenzisa izinkundla zokuxhumana bacasulwe yiholo bazwakalisa ukugxeka umsakazo. UZwakele ubengamazi uPenny, wacela ukumsiza ngokumnika umsebenzi embonini ezimele.
“Angimazi uPenny, kodwa indaba yakhe yangithinta, ikakhulukazi lapho ngibona ukuphawula kwabanye osopolitiki bedelela. Ukubona nje abaholi behlekisa ngodadewabo womuntu akusizi. Ngicela abamaziyo bamcele angithinte. Nginomsebenzi engimenzela wona, awuhlobene nepolitiki kodwa uyisipho esihle. Angawuqala lowo msebenzi ngokushesha ezinkampanini ezizimele,” usho kanje.
“Ubengekaphenduli futhi nengikuqonda kahle ngoba indaba yakhe yavusa izinkulumo-mpikiswano eziningi ezingezinhle emphakathini. Isizathu esenze ngathatha isinqumo sokuthi ngifinyelele kuyena kungenxa yezinkulumo ezingezinhle nabantu abebejabulela ukuwa kwakhe,’ kusho uMncwango.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
