Uhlezi lubhojozi umphakathi Olundi ngenxa yezilwane zasendle

Umphakathi Olundi kwaCeza nase Nhlungwane usukhathele ukuthwaliswa kanzima kanzima nokungalali bevika izilwane zase endle. Ezilwaneni ezihlupha lomphakathi ubalwa amabhubesi, izimpisi, izinqawu nqawu, amankentshane kanye nezindlovu.

Lomphakathi uhlushwa yizilwane zasendle nje, yingoba wakhele iziqiwu ezimbalwa okuhlanganisa nesika hulumeni. Kuleziqiwi kuyaye kuphunyuke izilwane zingene emzini yabantu kusale kukhalwa njengoba zisanda kuduphuna umfana obekhalima izinkomo kwaCeza.

Ukhansela ka ward 14 Sifiso Dlamini utshele IBUNDA IZINDABA uthi bahlezi lubhojozi yilezilwane ezingabanike nelincane ithuba, njengoba zibonakala njalo ebusuku nokuyilapho zinamandla kakhulu. Lezilwane aziyibheki imfuyo zengoba ziqhobozela zivale kwimfuyo yasekhaya efana nezimbuzi kanye nezitshalo emasimini.

“Lezilwane ziyamosha ngoba zifike ziqhaqhe izimbuzi zidle isibindi zishiye kanjalo futhi akukho lapho singalifunanga khona usizo.” kukhala ilunga lomphakathi. Kumanje lapha eNhlungwane kuhlala kubonakala imihlambi yezindlovu ezintathu, kuthi kwaCeza kubonakala imihlambi yezindlovu ezibalelwa emashumini amabili kuyaphezulu.

Khona uMama wasendaweni osanda kulunywa yinkentshane esandleni behamba ngendlela ejwayelekile ehamba umphakathi. Khona manjalo sekuke kwangena elinye inkentshane komunye umuzi ebusuku kwazwakala umsindo wezimbuzi kwaphuma ingane yahlangana nalo layiluma. leyongane yagcina ngokuthi ishone ibulawa ngushevu wamalabi enkentshane.

Mangabe sikhuluma nabezemvelo KwaZulu-Natal bathi akuzona ezabo lezilwane kodwa kungezabo. Kusenjalo abaphathi besiqiwi esizimele iMawana Game Reserve bayahluleka ukuqoqa lezizilwane njengoba ziyaphuma esiqiwini zisabalala emzini yabantu kube muncu emadodeni. “Akuyona impilo lena yokuthi abantu bazohlaliswa nezilwane abanikazi bazo bona bazipholele emakhaya. Kumanje kunzima ukuhamba kwezingane mangabe ziya ezikoleni namalungu omphakathi. Khona ebusuku kubanzima kakhulu ngoba zisuke sithungatha ukudla, abantu kumele bahlale beqhaphile ubusuku nemini.” kusho ikhansela lendawo

Sinxusa abantu bangahambi ngabodwana mangabe behamba ngoba kuyingozi enkulu, mangabe bezibona lezilwane ngicela bahlabe umkhosi kubantu abadala njengob nabafana abalusayo kunzima ukuphuma ayolanda izinkomo ngoba usaba lezilwane.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.