
Isigungu esiphezulu sigxeke izigameko ezenzeke ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-110 yeSilo uDinuzulu KwaCeza, okuphoxe wonke umuntu waseNingizimu Afrika othanda ukuthula.
Kulokhu isiGungu esiphezulu sikugqamise ukuthi okwenziwa yiMeya kaMasipala waseZululand, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, kukhombise ubumpofu bokubonga isiko likaZulu athi limele. Isigungu esiphezulu sathi inhloso kaButhelezi bekuwukubhidliza umcimbi nokuphoxa iSilo uMisuzulu, iNdlunkulu kanye noMengameli.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
