
Amaphoyisa aseBotswana Prisons Service (BPS) namaphoyisa aseBotswana athungatha izizalwane zeZimbabwe ezine ezeqa ejele laseMahalapye, zaphinde zadlwengula owesifazane wakule ndawo ngesikhathi zisagcwele amathafa. Sekuphele izinsuku ezingaphezu kwezintathu, amaphoyisa asathungatha. “Asikakabatholi kodwa siyaqiniseka ukuthi sizobabamba futhi,” kusho uSenior Superintendent Oagile Kojane we-BPS ngoLwesibili.
Amadoda athathwa njengayingozi, futhi umphakathi uyaxwayiswa ukuba uqaphele. La madoda ngo-Abraham Sibanda (26) ogwetshwe iminyaka engu-13 ngamacala okudlwengula, ukugqekeza, ukunqaba ukuboshwa kanye nokungena eBotswana ngendlela engaqondakali. Kukhona noGodfrey Moyo (29) ogwetshwe iminyaka engu-24 ebhadla ejele ngecala lokudlwengula.
Ababili bokugcina, uLast Ndlovu (27) noThabani Moyo (36) bagqunywe esitokisini ngamacala okudlwengula nokugebenga. Khonamanjalo, owesifazane oneminyaka engu-28 ubudala ohlala eLetlhakane udlwengulwe walahlwa ngaseFrancistown ngeSonto. Ngokusho komphathi wesiteshi samaphoyisa iMartin’s Drift, uMoses Morolong, bathole umbiko kowesifazane othi uthunjiwe wavalelwe endaweni engaziwa.
Utshele amaphoyisa ukuthi uphawu lokugcina alubona ngalesikhathi olwesigodi saseTumasera. “Sizamile ulandela lomkhando ngemuva kokulunywa indlebe, sacinga yonke indawo asitholanga lutho. Ngokuhamba kosuku lona wesifazane wathinta amaphoyisa aseFrancistown, ewatshela ukuthi uphaphame ebona izimpawu zomgwaqo waseShashe village,” kuchaza uMorolong.
Wengeze wathi lo wesifazane owayedabukile wayesuka e-Orapa elibangise esigodini saseSefhare lapho ayeyoshiya khona imoto yakhe kumnikazi wayo omusha. Kodwa akazange afike lapho ayeya khona. EPalapye wabona amadoda amathathu ecela ukugitshezwa, wase ewagibeza.
Ngemuva kokushayela amakhilomitha ambalwa, la madoda aqale ukumyalela lapho okumele aye khona nokwaholela ekutheni aphambuke emzileni waseSefhare. Bahamba ngemoto beya endaweni ecezile bafica enye indoda ibalindile. Amadoda amane abe eseqhubeka nokumdlwengula.
Lona wesifazane uthinte amaphoyisa ewabikela ngokwenzekayo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Wavuka emini ngaseFrancistown, walahlwa khona imoto yakhe ingekho. “Okwamanje ngeke sikwazi ukusho ngokuqiniseka ukuthi ababalekile bayamataniswa yini nalesi sigameko. Sisathungatha amadoda okuthiwa athumba ahlukumeza owesifazane oneminyaka engu-28,” kusho uMorolong. Uxwayise aBatswana ukuthi baqaphele uma besebenzelana nabantu abangabazi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
