UBruce Grobbelaar oyinkakha ye Liverpool ne Zimbabwe

Obeyinkankha ebholeni eqenjini leLiverpool usebuyele ekhaya eZimbabwe ngohlelo lokuhlangana nothisha abangabaqeqeshi bezikole nabafundi ngenhloso yokuthuthukisa ibhola lase Zimbabwe emazingeni aphansi.

Kuzokhumbuleka ukuthi lelizwe lase Zimbabwe lehlelwe yizinga ebholeni ngenxa yonswinyo le FIFA namazwe omhlaba ngasohlangothini lwepolitiki.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBruce Grobbelaar waba ngukaputeni weqembu lesizwe lase Zimbabwe ne Liverpool, wabuya England wayibamba ku PSL njengoba wadlala ku Super Sports United waphinda wayiqeqesha. Washiya indodana yakhe ku Super Sports United u Bradley Grobbelaar ongumgadli waphindela emuva England lapho enomuzi khona.

UGrobbelaar wazakhela igama England evimbela i Liverpool lapho wayebamba ngisho impukane emapalini e Liverpool kanti uyahlonishwa ebholeni lase England nase Africa yonke.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.