
Uphiko lwezamaJele eBotswana ludalule ukuthi iziboshwa ezine zibaleke ejele laseMahalapye ngeSonto, ngoMashi 10, 2024, phakathi kwamabili. Abeqile, bonke abayizizalwane zaseZimbabwe, bahlanganisa iziboshwa ezimbili kanye nabanye ababili ababoshiwe.
Umphathintambo wogatsha lwezamajele eBotswana, uSenior Superintendent Oagile Kojane, ukhiphe isitatimende ekhuthaza ukubambisana komphakathi emizameni yokubamba kabusha ababalekile. Abaphunyukayo bahlanganisa:
- ULast Ndlovu: Isakhamuzi esileminyaka engu-27 eMabeleapudi, eBotswana, sidabuka ePlumtree, eZimbabwe, sibhekane lecala lokudlwengula sivalelwe.
- UThabani Moyo: Isakhamuzi sakoBulawayo, eZimbabwe, esileminyaka yokuzalwa engu-36, sithweswe icala lokugebenga ngesikhathi sivalelwe.
- U-Abraham Sibanda: Ibhungu elineminyaka engu-26 ubudala lakwaBulawayo, eZimbabwe, elinamacala ahlanganisa ukudlwengula, ukugqekeza, ukunqaba ukuboshwa, kanye nokungena eBotswana ngendlela engaqondakali. Ubedonsa isigwebo seminyaka engu-13.
- UGodfrey Moyo: Owesilisa oneminyaka engu-29 ubudala waseDombodema, eZimbabwe, ugwetshwe iminyaka engu-24 ngokudlwengula.
Iziphathimandla zigcizelela ingozi engase ibangelwe ababaleki futhi ziqinisekisa umphakathi ukuthi uphiko lwezamaJele laseBotswana, kanye nezinhlaka zezokuphepha, benza umzamo omkhulu wokubamba ngokushesha.
Amalunga omphakathi axwayiswa ukuthi aqaphele abikele abezomthetho baseMahalapye uma ebabona noma abanolwazi mayelana nalaba abeqa kule nombolo 4710650/4711737 noma esiteshini samaphoyisa esiseduze. Ukweqa kwalezi ziboshwa kugcizelela isidingo sokuqapha nokubambisana phakathi kwezinhlaka zomthetho kanye nomphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuphepha nokuvikeleka kwemiphakathi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
