
Owesilisa oneminyaka engu-52 ubudala ugwetshwe iminyaka engu-20 ejele ngokudlwengula indodakazi kamngani wakhe, eyayeneminyaka engu-14 ubudala futhi wayikhulelisa. Usonhlalakahle ophethe icala lesisulu ngoba engaphansi kohlelo lwezintandane, kubikwa ukuthi uvakashele amaphoyisa aseBloemspruit ezobika icala lokudlwengula.
Lokhu kulandela ukuhluleka kwesisulu ukuya esikoleni, okuholele ekutheni othisha balandelele ukuthi isisulu sikuphi nokuthi kungani engayi esikoleni. Othisha bathola ukuthi isisulu sasidlwengulwe ngumngane kayise waso ngomhlaka-10 Agasti 2022, ngenxa yalokho, sasinezinyanga ezimbili sikhulelwe. Usizi lwesisulu lube selubikwa ngendlela efanele.
Ngemuva kophenyo, umsolwa uboshwe uphiko olubhekele udlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi eMangaung, kwajutshwa uDetective Sergeant Katleho Pheko ukuthi aqhubeke nokuphenya leli cala. Ngenxa yemizamo engapheli kaSergeant Pheko ayibeke ecaleni isikhathi esingaphezu konyaka, ngomhla ziyisi-8 kuNhlolanja wezi-2024 ummangalelwa watholakala enecala lokudlwengula futhi wagwetshwa iminyaka engu-20 ebhadla ejele yiNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein.
Igama lakhe lizophinde liqoshwe kuRejista Kazwelonke Yabahlukumezi Bocansi. Isisulu sisasendaweni ephephile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
