
Uthi uziqhnya kakhulu ngendima edlalwe isikole sakhe umfundi waseMartin Nxumalo Secondary School, uPhilasande Owethu Chamane. Lomfundi wakuWard 9, endaweni yaseTrustfeed Location, kumasipala waseMshwathi, ubenza ibanga leshumi ngonyaka ophelile. “Siziqhenya kakhulu ngesikole sethu esiphase ngamalengiso sakwazi ukuthola u100% kulonyaka ophelile. ” kuqhuba uChamane.
Lomfundi owenze kahle kakhulu ezifundweni zakhe, uthe uthanda ukudlulisa izincomo nokubonga kothisha ngokuzikhandla nangokuzimisela kwabo, uthando nesineke abanaso ngomsebenzi abawenzayo nokuyivela kancane esikhathini samanje. “Sekukancane uthola abantu abawuthandayo futhi nabawuhloniphayo umsebenzi wabo futhi nabadela konke abanakho ukuthi sikwazi ukuphumelela senzekahle ezifundweni zethu.
Lokho kungenze ngakwazi ukuphasa ngamalengiso ezifundweni zami kwangibeke ethubeni elihle kakhulu lokuthola isikhala eNyuvesi. Ngingasho nginga ngabazi ukuthi ngizibona nginekusasa eliqhakazile kakhulu. Isandla sidlula ikhanda bothisha bami niqhubeke njalo nokuba isibonelo esihle kwabanye othisha bethu.” kuqhuba uChamane.
Lomfundi uphinde wagqugquzela abafundi abenza umatikuletsheni kulonyaka ukuthi abazibambe ziqine kusukela uqala unyaka. Waphinde waveza ukubaluleka kokuzimisela nokusebenza kanzima kanye nokubambisana nothisha okuhlanganisa nokulalela iziyalo zabazali. Ube esevala ngokuthi bengakhohlwa ukubeka umthandazo phambili kukho konke abakwenzayo ukuze bakwazi ukuphumelela kahle ekupheleni konyaka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
