Kuboshwe owayeyimenenja yakwa-Eskom kwelokukhwabanisa nokweba

Uphiko loKlebe oluzinze eMiddelburg, iSerious Commercial Crime Investigation, selubophe isikhulu esasisebenza kwa-Eskom kwelinye icala lenkohlakalo nokweba, empini eqhubekayo yokulwa nenkohlakalo kwa-Eskom.

UNksz Nontuthubo Surprise Mahweliri, 44, oyimenenja kwa-Eskom eHendrina Power Station, kanye nalowo okusolwa ukuthi ubesebenzisana naye, uNksz Mokgawa Recca Sewla, 39, baboshwe ngoLwesithathu ngamacala okukhwabanisa, ukweba kanye nokushushumbisa imali.

La macala asukela ekuzibandakanyeni kukaMahweliri nenkampani zakhe, iNKG Trading Investment, kanye neDithari Funding, ezatholakala zenza ibhizinisi no-Eskom ngemali engaphezulu kuka-R1 million ngo-2022. Yize uMahweliri eqale waphika ukuthi usebenzela u-Eskom, uphenyo olwenziwa oKlebe luveze ukuthi zombili lezi zinkampani bezibandakanyekile ekuhwebeni nenkampani ephehla ugesi.

UCaptain Dineo Sekgotodi, okhulumela oKlebe eMpumalanga, uthe, “Ngesikhathi sophenyo, kuvele ukuthi [uMahweliri] ubenamasheya eNKG naseDithari. Zombili lezi zinkampani beziqhuba ibhizinisi no-Eskom. Lokhu kutholwe efomini lesimemezelo kanye namaphepha ethenda athunyelwe yi-NKG kanye ne-Dithari Funding kwa-Eskom. Ngenxa yalokhu, u-Eskom ulahlekelwe u-R1,082,884.51.

UMahweliri noSewla bavele eNkantolo yeMantshi yaseHendrina ngoLwesithathu badedelwa ngebheyili ka-R50 000. Icala lihlehliselwe umhlaka-19 Febhuwari eNkantolo yezoBugebengu iMiddelburg Specialised Commercial Crime.

Lokhu kuboshwa kwakamuva kwengeza ohlwini olukhulayo lwabantu ababhekene namacala ahlobene nenkohlakalo kwa-Eskom. Ababoshiwe esikhathini esidlule kubalwa uNozipho Ntuli, owayethenga esitolo sikagesi sakwa-Eskom eDuvha Power Station, kanye nabanye abasolwa uGeorge Edward Sekatane, Alfred Lebohang Sekatane, noThulani Harris Mkhabela, ababoshwa ngoMashi 2023 ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo.

Izinsolo zokukhwabanisa eSiteshini sikagesi iDuvha zenzekile phakathi kuka-2016 no-2019 lapho kuthiwa kwakhishwa izinkontileka ngaphandle kokulandela izinqubo zokuphathwa kokuthengwa kwempahla, okwaholela ekulahlekeni okulinganiselwa ku-R4.9 million kwa-Eskom.

Kwelinye icala, uThandeka Innocentia Nkosi, ongumthengi omkhulu e-Matla Power Station, uboshelwe amacala enkohlakalo, ukukhwabanisa, nokushushumbisa imali, kanye noRabela Sarah Jones nendodana yakhe uGodfrey Jason Jones. Laba bobathathu basolwa ngokuqola inkampani ephehla ugesi u-R14.7 million.

Yize kuboshwe laba, iNational Prosecuting Authority (NPA) ibhekane nokugxekwa ngokubonakala kokwehluleka ukushushisa ngempumelelo amacala ezezimali ahlobene ne-Eskom. Ukuhoxiswa kwakamuva kwecala lenkohlakalo elibiza amabhiliyoni angu-R2.2 eKusile State Capture ngenxa “yokubambezeleka okungenasizathu” kuphinde kugqamise izinselelo abomthetho ababhekana nazo ekulweni nenkohlakalo ngaphakathi kwenkampani kagesi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.