
Ugxekwe kakhulu ngabalandeli bezemidlalo eNingizimu Africa, uBheko Ngubane ongumshayeli wetekisi elisuka edolobheni lase eThekwini liya eMhlanga. Abanye bambone njengomuntu onenhliziyo embi yobuthakathi lomlandeli osebenzela ku asoseshini wase Mhlanga. Ubonakale enza interview emsakazweni weGagasi Fm ku TikTok.
U Sadam Maake ongumlandeli wokuqina wabalandeli be Kaizer Chiefs, usihlabe wasihlakaza lesenzo somlandeli. “Thina singabalandeli be Kaizer Chiefs asihambisani nabantu abangenayo ibranch ngoba siyafundiswa ngokulandela amaqembu.” kusho uMaake.
IKaizer Chiefs iqembu elikhulu kakhulu manje uliphoxile kakhulu lomlandeli, iqembu le Bafana Bafana limele bonke abantu base Ningizimu Africa.
“UBaba Motaung usifundisile ngobuqotho njengoba ukuqonda ukuthi abalandeli be Kaizer Chiefs bangabalandeli bokuthula noxolo. Iqembu le Kaizer Chiefs belingamelwe ngabadlali balo eqenjini le Bafana Bafana kodwa abadlali be Mamelodi Sundowns FC badlale ibhola elisezingeni eliphezulu kakhulu emhlabeni jikelele. ” kuqhuba uMaake.
Khona manjalo uCecil Motaung ophethe abalandeli be Kaizer Chiefs uziqhelanisile nalomlandeli, washaya ngamafuphi wathi mangabe umlandeli engenayo i-branch ngeke bakwazi ukukhuluma ngaye.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
