
Utakule iBafana Bafana uRowen Williams ongunozinti wokuqala ukuvimba amaphenathi amane emdlalweni owodwa we African Cup of Nations. UWilliams uqale ngokuthi avimbe ibhola elimbi ebelikhahlelwa ngumgadli we Cape Verde uAfonso Silva, obephunyuke kubadlali basemuva be Bafana Bafana, nokwenze iBafana Bafana kowandulela owamanqamu.
Leliqembu lesizwe lase Ningizimu Africa lizodlala ne Nigeria kuthi DRC Congo idlale ne Ivory Coast. Iqembu le Bafana Bafana liphenduke injebomvu njengoba liqoba kwasani phambi kwalo.
Khona manjalo umqeqeshi we Bafana Bafana Hugo Brooks uthi badlale ibhola elingelihle kulomdlalo we Cape Verde ne Morocco, Tunisia, kodwa okumqoka ukunqoba umdlalo ngomdlalo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
