
Isenzo esishaqisayo sokwebiwa kwemali yisamba kumasipala waseNdumeni eDundee, esifundazweni iKwaZulu-Natal. Kubikwa ukuthi lesisizumbulu semali sebiwe ngesikhathi kugqekezwa amahhovisi kamasipala wendawo ongaphansi kwe-IFP eNdumeni (Dundee) enyakatho yeKwaZulu-Natal. Ngokwemithombo engaphakathi kulomasipala engagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, kuthiwa lemali yebiwe ngesikhathi izigebengu zigqekeza zabopha onogada.
Emva kokubopha lonagada, babe sebezitapela kulesizumbulu semali. Lemali eyebiwe izinswelaboya kubikwa ukuthi yilena eqoqwa kubakhokhi bentela, kodwa ayizange isheshe ifakwe ebhange.
Ngemuva kokuhlola umonakalo, kusolakala ukuthi isamba salemali eyebiwe silinganiselwa ku R90 000. Imali eyebiwe yaqoqwa njengenhlawulo yomgwaqo, intela kanye nokuhlinzekwa kwamanzi.

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
