Kuboshwe isalukaz ngokuthenga igilosa ngemali yomgunyathi

Kuboshwe isalukazi saseJukulyn,esitolo sakwaShoprite, ePitoli ngokusebenzisa imali yomgunyathi ukuthenga igilosa. Kusolwa ukuthi le mali iqhamuke kumkhwenyana wakhe ongowokudabuka eNigeria osanda kubakhokhela ilobolo lika-R95 000 kamakoti ngemali yomgunyathi. Kumanje amaphoyisa asebophe amalungu amane omndeni atholwe nemali yomgunyathi eyakhokhelwa ilobolo yindoda yaseNigeria eyaziwa ngelikaKelechi Johnson Adegoke.

Umkhwenyana waseNigeria wabakhokhela ngemali enzima ngesikhathi bekhokha ilobolo. Imali ibishintshana phakathi kwamalungu omndeni kwaze kwaba yilapho umama eyothenga igrosa eShoprite. Umama akakholwanga ngesikhathi etshelwa ukuthi imali yakhe ingeyomgunyathi. Amaphoyisa abizelwe esitolo wabe eseboshwa endaweni yesigameko. Babalelwa ku-R40 000 kuphela amarandi atholwe emalungwini omndeni kanti amanye kuthiwa asetshenziswa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.