
Kunabantu bokufika ababizwa ngokuthi ngamaKhalanga, labantu baqhamuka ezweni lase Zimbabwe bahlala bude buduze nomcele waseBotswana. Bangena kuleli lase Ningizimu Africa ngokungemthetho bafike basebenze emakhishini abasifazane, abesilisa babamba inkuzi ngesihluku esinyantisa igazi. Bayadlobongela kakhulu njengoba bahlale njalo bebalekela amaphoyisa eGoli.
Kubikwa ukuthin leliqeqebana liphinde ligwazele amaphoyisa akuleli ngemali abayithola ngokubamba inkuzi lapha eNingizimu Africa. Labashokobezi bangena emnceleni befohle bahambe phakathi esiqiwini esiphakathi kwe Ningizimu Africa neZimbabwe. Kuthiwa kuba khona izimoto ezibalandayo zibalethe eGoli., kepha bayayishiya Limpopo bashone enkabeni yeGoli futhi labashokobezi bahlangana nabasebenzi base Home Affairs babagwazele ukuthi bathole omazisi balapha eNingizimu Africa kanye baphinde bawagwazele amaphoyisa akuleli ukuze bathole izimvumo zokuthenga izibhamu zomthetho.
Leliqeqebana liphinde libulale abantu base Ningizimu Africa babaphuce izibhamu ezisemthethweni noma sebefile, baphinde bambe igolide ezimayini zakuleli ngokungemthetho. “Balisho ligcwale umlomo ukuthi ngeke bahambe kuleli lase Ningizimu Africa” kusho elinye ilunga lompakathi elikhathazwe ilendaba. “Bangena nezikhali ezinhlobo nhlobo ngenhloso yokubamba inkuzi baphinde badle amabhilidi nezindlu namabhizini ngakho izakhamuzi zase Ningizimu Africa zihlezi lubhojozi la eGoli.” enanela.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
