INigeria ihlinzele ezibini ekhaya Ivory Coast

INigeria ihlinzele ezibini ekhaya layo-I Vory Coast engosokhaya emdlalweni we CAF African Cup of Nations. Ukaputeni weNigeria, uWilliam Troots Ekong kube nguyena oshaye iphenathi, ngemuva kokukhombisa ubuqhawe njengoba leligoli linikeze
Nigeria amaphuzu amathathu yaqwakela phezulu ngamaphuzu.

Lamazwe agcina ukuhlangana ngo 2013 eNingizimu Africa ku African Cup of Nations eRoyal Bafokeng Stadium, lapho yanqoba futhi khona iNigeria. Komunye umdlalo ka Group A, i-Equatorial Guinea inqobe Guinea ngamagoli angu 4 – 2. Lamaqembu azobuye atholane emdlalweni wokugcina, i-Equatorial Guinea izodlala ne Nigeria, kuthi Ivory Coast yona itholane phezulu ne Guinea. Lemidlalo izocacisa ukuthi ngobani abazodlala emdlalweni wama group stages.

Kumanje lelizwe lase Ivory Coast liphefumula ngenxeba njengoba ingcindezi enkulu njengoba lishaywe yi Nigeria futhi inqobile ne-Equatorial Guinea kulethe umbango phakathi kwalamazwe.
Khona manjalo komunye umdlalo ka Group B, obuphakathi kwe Egypt neGhana bashayane baze babukana ngamagoli angu 2-2 emdlalweni obushisa kakhulu. Kulomdlalo umgadli ovutha wase Ghana, uMohammed Kudus uyena ovalele amagoli amabili, lomgadli we West Ham United ukhombise izinga eliphezulu kakhulu njengoba umsebenzi wakhe ewenze kahle kakhulu enkundleni. Kulomdlalo kuphoqeleke ukuthi uMo Salah akhishwe ngenxa yokuthi ebeselimele.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.